Kwabasegalathiya 3:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. O nina maGalathiya angaqondiyo! Ngubani oniloyileyo nina enalotshelwa phambi kwamehlo enu umfanekiso kaJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na?

2. Yilokhu kuphela engithanda ukukwazi kinina ukuthi: Namukeliswa uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?

3. Niwulekile kangaka na? Niqalile kuMoya seniyakugcina enyameni na?

Kwabasegalathiya 3