Kwabasegalathiya 1:16-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. ukuba ayambule iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe, khona lapho angibuzananga nenyama negazi,

17. futhi angenyukelanga eJerusalema kubona ababe ngabaphostoli ngaphambi kwami, kodwa ngamuka ngaya e-Arabiya, ngaphinda ngabuyela eDamaseku.

18. Kwathi emva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uKhefase; ngahlala kuye izinsuku eziyishumi nanhlanu.

19. Kepha angibonanga omunye wabaphostoli, kuphela uJakobe umnawe weNkosi.

20. Kulokhu-ke enginilobela khona bhekani, phambi kukaNkulunkulu, angiqambi amanga.

21. Emva kwalokho ngeza emazweni aseSiriya naseKhilikhiya.

22. Ngangisengongaziwayo ngobuso emabandleni aseJudiya akuKristu,

23. abesezwile nje ukuthi: “Lowo okade esizingela useshumayela ukukholwa akade ekuchitha.”

24. Ayesedumisa uNkulunkulu ngami.

Kwabasegalathiya 1