9. Ngikhulekela lokhu ukuba uthando lwenu luvame kakhulu njalo ekwazini nasekuqondeni konke,
10. ukuze nikwazi ukwahlukanisa, nize nibe mhlophe nabangakhubekisiyo kuze kube lusuku lukaKristu,
11. nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingaye uJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.
12. Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine kwaveza ukuqhubeka kwevangeli,
13. kwaze kwathi izibopho zami zabonakala enqabeni yonke nakubo bonke abanye ukuthi zingenxa kaKristu
14. nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.
15. Abanye kambe bashumayela uKristu ngomhawu nangombango kepha abanye ngenhliziyo enhle;
16. laba bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli,
17. kepha labo bamemezela uKristu ngombango kungenganhliziyo emhlophe, bethi bazakungivusela ukukhathazeka ekuboshweni kwami.
18. Kunani pho? Nokho uKristu uyamenyezelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngesiminya; kulokho-ke ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza,
19. ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu,
20. njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.
21. Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.