Kwabase-Efesu 2:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu -- kungomusa nisindisiwe --

6. wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu,

7. kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu.

8. Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;

9. akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.

10. Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.

Kwabase-Efesu 2