3. esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye.
4. Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo,
5. sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu -- kungomusa nisindisiwe --
6. wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu,
7. kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu.
8. Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;