Kwabase-Efesu 1:20-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. asebenze ngawo kuKristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe ezulwini,

21. ngaphezu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama onke aphathwayo, kungekuleli zwe lodwa kepha nakulo elizayo;

22. wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla,

23. elona lingumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kubo bonke.

Kwabase-Efesu 1