Kumaheberu 9:6-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Kepha lezo zinto zilungisiwe ngokunjalo, abapristi bangena njalo etabernakele* lokuqala befeza izinkonzo,

7. kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka, kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,

8. uMoya oNgcwele etshengisa lokhu ukuthi ayikabonakaliswa indlela eya endaweni engcwele, lisemi itabernakele* lokuqala,

9. elona lingumfanekiso kulesi sikhathi samanje, okulethwa ngawo iminikelo nemihlatshelo engenakumenza okhonzayo aphelele maqondana nonembeza,

Kumaheberu 9