9. kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyisemhla ngibabamba ngesandlaukubakhipha ezweni laseGibithe,ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami,nami angibanakanga, isho iNkosi.
10. Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeliemva kwalezo zinsuku, isho iNkosi:ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo,ngiyilobe ezinhliziyweni zabo,ngibe nguNkulunkulu wabo,bona babe ngabantu bami.
11. Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo,nalowo umfowabo, ngokuthi:‘Yazi INkosi;’ngokuba bonke bayakungazi,kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.
12. Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo,nezono zabo angisayikuzikhumbula.”