Kumaheberu 7:21-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owasho kuye ukuthi:“INkosi yafunga, ayiyikuzisola, yathi:‘Wena ungumpristi kuze kube phakade.’ ”

22. Ngokungakho-ke uJesu waba yisiboniso sesivumelwano esingcono.

23. Kulabo-ke baba baningi ababekwa babe ngabapristi, ngokuba bathiyeka ngenxa yokufa ukuba baqhube njalo;

24. kepha yena, ngenxa yokuba ehlala phakade, unobupristi obungenakuguquka;

25. ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.

26. Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele thina, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu,

Kumaheberu 7