21. kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owasho kuye ukuthi:“INkosi yafunga, ayiyikuzisola, yathi:‘Wena ungumpristi kuze kube phakade.’ ”
22. Ngokungakho-ke uJesu waba yisiboniso sesivumelwano esingcono.
23. Kulabo-ke baba baningi ababekwa babe ngabapristi, ngokuba bathiyeka ngenxa yokufa ukuba baqhube njalo;
24. kepha yena, ngenxa yokuba ehlala phakade, unobupristi obungenakuguquka;
25. ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.
26. Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele thina, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu,