18. Ngokuba umthetho wokuqala uyachithwa ngenxa yobuthakathaka bawo nokungasizi kwawo,
19. lokhu umthetho awuphelelisanga lutho, kepha sekungeniswa ithemba elingcono, esisondela ngalo kuNkulunkulu.
20. Futhi ngalokho ukuthi akubanga ngaphandle kokufunga -- ngokuba labo kambe babekwa babe ngabapristi ngaphandle kokufunga,
21. kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owasho kuye ukuthi:“INkosi yafunga, ayiyikuzisola, yathi:‘Wena ungumpristi kuze kube phakade.’ ”
22. Ngokungakho-ke uJesu waba yisiboniso sesivumelwano esingcono.