Kumaheberu 7:15-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Ikakhulu kusobala lokho, uma kumiswa omunye umpristi ofana noMelkisedeki,

16. ongamiswanga ngomthetho womyalo wenyama kodwa ngamandla okuphila okungabhubhiyo.

17. Ngokuba kufakazwa ngaye ukuthi: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.”

18. Ngokuba umthetho wokuqala uyachithwa ngenxa yobuthakathaka bawo nokungasizi kwawo,

19. lokhu umthetho awuphelelisanga lutho, kepha sekungeniswa ithemba elingcono, esisondela ngalo kuNkulunkulu.

20. Futhi ngalokho ukuthi akubanga ngaphandle kokufunga -- ngokuba labo kambe babekwa babe ngabapristi ngaphandle kokufunga,

21. kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owasho kuye ukuthi:“INkosi yafunga, ayiyikuzisola, yathi:‘Wena ungumpristi kuze kube phakade.’ ”

22. Ngokungakho-ke uJesu waba yisiboniso sesivumelwano esingcono.

23. Kulabo-ke baba baningi ababekwa babe ngabapristi, ngokuba bathiyeka ngenxa yokufa ukuba baqhube njalo;

24. kepha yena, ngenxa yokuba ehlala phakade, unobupristi obungenakuguquka;

Kumaheberu 7