Kumaheberu 4:3-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngokuba siyangena ekuphumuleni thina esikholwayo njengokusho kwakhe ukuthi:“Kanjalo ngafunga ekuthukutheleni kwami,ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ ”nakuba imisebenzi yayenziwa kwasekusekelweni kwezwe.

4. Ngokuba ushilo endaweni ethile ngosuku lwesikhombisa ukuthi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke,”

5. nakule ndawo uthi futhi: “Abayikungena ekuphumuleni kwami.”

6. Ngakho-ke lokhu kusasele ukuba abanye bangene kukho, nalabo abashunyayezwa kuqala ivangeli bengangenanga ngokungalaleli,

7. uyanquma futhi usuku oluthile oluthiwa Namuhla, esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka njengokushiwo kuqala ukuthi:“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.”

Kumaheberu 4