Kumaheberu 3:7-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi:“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,

8. ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleningosuku lokulingwa ehlane,

9. lapho oyihlo bangilinga bengihlola,noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;

10. ngalokho nganengwa yileso sizukulwane,ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo,abazazanga izindlela zami,’

11. ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami,ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami.’ ”

12. Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;

13. kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono,

14. ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.

15. Uma kuthiwa:“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenunjengasekucunuleni,”

Kumaheberu 3