Kumaheberu 13:5-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”

6. ukuze sisho ngesibindi, sithi:“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;umuntu angangenzani na?”

7. Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.

8. UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.

9. Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla, abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho.

10. Sine-altare thina, abangenalungelo lokudla kulo abakhonza etabernakele*.

11. Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu*.

Kumaheberu 13