7. Bekezelani ekulayweni; uNkulunkulu uyaniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana engalaywa nguyise na?
8. Kepha uma ningalaywa, abathe bonke benziwa abahlanganyeli kukho, khona-ke ningabesihlahla, anisiwo amadodana.
9. Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na?
10. Ngokuba bona kambe basilaya izinsukwana njengokubona kwabo, kepha yena kube yinsizakalo, size sithole ukuhlanganyela ubungcwele bakhe.