Kumaheberu 11:28-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Ngokukholwa wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angathinti amazibulo abo.

29. Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo, okwathi abaseGibithe bekulinga lokho, baminza.

30. Ngokukholwa izingange zaseJeriko zawa, sezizungeziwe izinsuku eziyisikhombisa.

31. Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga kanye nabangalalelanga, esezamukele izinhloli ngokuthula.

Kumaheberu 11