Kumaheberu 10:37-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

37. Ngokuba kuse yisikhashana nje, ozayo uyeza, akayikulibala;

38. kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.

39. Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.

Kumaheberu 10