Kumaheberu 10:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngokuba lokhu umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo;

2. uma kwakungenjalo, nga ingayekwanga ukunikelwa na? lokhu phela abakhonzayo sebehlanjululwe kanye babengasayikuba novalo ngezono.

3. Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka;

4. ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.

5. Ngalokho-ke esefika ezweni uthi:“Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga,kodwa ungilungisele umzimba.

6. Iminikelo yokushiswa nemihlatshelongenxa yesono awuyithokozelanga.

7. Ngase ngithi: ‘Bheka, ngiyeza --emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami --ukuba ngiyenze, Nkulunkulu,intando yakho.’ ”

8. Eseshilo ngasenhla ukuthi: “Imihlatshelo, neminikelo, neminikelo yokushiswa, nemihlatshelo ngenxa yezono awuyithandanga, awuyithokozelanga,” eyona ilethwa ngokomthetho,

9. ubuye wathi: “Bheka, ngiyeza ukwenza intando yakho.” Ususa okokuqala, ukuze amise okwesibili.

10. Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.

Kumaheberu 10