9. nokho ngenxa yothando okungcono ngiyancenga, njengokuba nginje mina Pawulu osemdala, manje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu,
10. ngikuncenga ngomntanami engimzeleyo ekuboshweni kwami, u-Onesimu;
11. okade engenalusizo kuwe, kepha kalokhu unosizo nakuwe nakimi,
12. engimbuyisele kuwe, yena oyinhliziyo yami,
13. ebengifuna ukumbamba ahlale kimi, ukuze angikhonze esikhundleni sakho ngisekuboshweni ngenxa yevangeli;
14. kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza lutho, ukuze umusa wakho ungabi ngokucindezelwa, kodwa ube ngesihle.
15. Ngokuba mhlawumbe kungenxa yalokho ukuba ahlukaniswe nawe isikhashana, ukuze abe ngowakho kuze kube phakade,