Izenzo 9:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, engaphuzi.

10. Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye ngombono: “Ananiya!”Yena wathi: “Ngikhona, Nkosi.”

11. INkosi yayisithi kuye: “Suka uye esitaladini esithiwa Siqondile, ufune endlini kaJuda umuntu ogama lakhe linguSawulu waseTarsu; ngokuba bheka, uyakhuleka;

12. ubonile indoda, igama layo lingu-Ananiya, ingena, ibeka izandla phezu kwakhe ukuba abone.”

13. Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema;

14. nalapha unamandla avela kubapristi abakhulu okubopha bonke abakhuleka egameni lakho.”

Izenzo 9