21. Awunasabelo nalifa kuleli zwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu.
22. Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse eNkosini, ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho,
23. ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo nasekuboshweni kokubi.”
24. USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze kungehleli lutho kimi lwalokho enikushiloyo.”
25. Kuthe sebefakazile, belikhulumile izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.
26. Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane.”
27. Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka;
28. ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi u-Isaya.
29. UMoya wathi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kuleyo nqola.”
30. UFiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?”
31. Yona yathi: “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?” Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo.
32. Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi:“Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu;njengewundlu elithule phambi komgundi walokanjalo kawuvulanga umlomo wakhe.