Izenzo 7:5-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Kepha akamnikanga ifa kulo, ngisho nelingangonyawo, wathembisa kodwa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nelenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi namntwana.

6. UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: ‘Inzalo yakhe izakuba ngumfokazi ezweni lezizwe; bayakuyenza izigqila, bayiphathe kabi iminyaka engamakhulu amane.

7. Kepha leso sizwe abayakuba yizigqila kuso ngiyakusahlulela mina, washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kule ndawo.’

8. Wayesemnika isivumelwano sokusoka; kanjalo-ke wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili; u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili.

9. “Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, bathengisa ngaye, wasiwa eGibithe; kodwa uNkulunkulu wayenaye,

10. wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe.

11. “Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibithe nakwaKhanani, nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumana ukudla.

12. UJakobe esezwile ukuthi kukhona ukudla eGibithe, wathuma obaba ngokokuqala;

Izenzo 7