37. Emva kwalowo kwasuka uJuda waseGalile ezinsukwini zokubhalwa; wahlubukisa abantu ukuba bamlandele; nalowo wabhubha, nabo bonke abamlalelayo bahlakazeka.
38. Manje-ke ngithi kini: Dedani kulaba bantu, nibayeke, ngokuba uma leli su nalo msebenzi kuvela kubantu, kuyakuchitheka;
39. kepha uma kuvela kuNkulunkulu, aniyikuba namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabalwayo noNkulunkulu.” Bamvumela-ke.
40. Base bebabiza abaphostoli, babashaya, babayala ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, babakhulula.
41. Khona basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelo gama;
42. abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.