Izenzo 5:22-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Kepha izikhonzi ezafika khona azibafumananga etilongweni; zase zibuyela emuva, zabika

23. zathi: “Indlu yeziboshwa sayifumana ivaliwe, iqinile impela, nabalindi bemi eminyango; kepha sesivulile asifumananga muntu ngaphakathi.”

24. Kwathi ukuba induna yethempeli nabapristi abakhulu bezwe lawo mazwi, basambatheka ngawo ngokuthi kungaba yini lokho na?

25. Kepha kwafika omunye, wababikela wathi: “Bhekani, amadoda ebeniwafakile etilongweni emi ethempelini, afundisa abantu.”

26. Khona yaphuma induna kanye nezikhonzi, zabaletha, kungengampoqo, ngokuba bebesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.

27. Sebebalethile babamisa emphakathini; umpristi omkhulu wababuza,

28. wathi: “Saniyala nokuniyala ukuba ningafundisi ngalelo gama; bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalowo muntu phezu kwethu.”

29. Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.

30. UNkulunkulu wawobaba wamvusa uJesu enambulala nina ngokumphanyeka emthini;

31. lowo uNkulunkulu wamphakamisa ngesokunene sakhe abe yiNkosi noMsindisi ukuba anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.

Izenzo 5