Izenzo 5:18-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. babamba abaphostoli, babafaka etilongweni lombuso.

19. Kepha ingelosi yeNkosi yavula iminyango yetilongo ebusuku, yabakhipha, yathi:

20. “Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuPhila.”

21. Kwathi sebezwile, bangena ethempelini ekuthatheni kokusa, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umphakathi nezigele zonke zabantwana bakwa-Israyeli, bathumela endlini yeziboshwa ukuba balethwe.

22. Kepha izikhonzi ezafika khona azibafumananga etilongweni; zase zibuyela emuva, zabika

23. zathi: “Indlu yeziboshwa sayifumana ivaliwe, iqinile impela, nabalindi bemi eminyango; kepha sesivulile asifumananga muntu ngaphakathi.”

24. Kwathi ukuba induna yethempeli nabapristi abakhulu bezwe lawo mazwi, basambatheka ngawo ngokuthi kungaba yini lokho na?

25. Kepha kwafika omunye, wababikela wathi: “Bhekani, amadoda ebeniwafakile etilongweni emi ethempelini, afundisa abantu.”

26. Khona yaphuma induna kanye nezikhonzi, zabaletha, kungengampoqo, ngokuba bebesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.

Izenzo 5