Izenzo 4:34-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. Kwakungekho oswelayo phakathi kwabo; ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho, baletha imali yalokho abathengise ngakho,

35. bayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli; kwaba yilowo nalowo wabelwa njengokuswela kwakhe.

36. Kwathi uJosefa owathiwa ngabaphostoli uBarnaba, okungukuthi ngokuhunyushwa indodana yenduduzo, umLevi waseKhupro ngokuzalwa,

37. enensimu, wathengisa ngayo, waletha imali, wayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.

Izenzo 4