Izenzo 4:20-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”

21. Khona sebebalayile futhi babayeka, bengafumananga ukuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo;

22. ngokuba umuntu esenziwe kuye leso sibonakaliso sokuphulukiswa wayeneminyaka eve emashumini amane.

23. Sebeyekiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga abekushilo kubo.

24. Bona sebezwile baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,

25. owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi:“ ‘Kungani ukuba abezizwe baxokozele,nabantu bacebe okuyize, na?

26. Amakhosi omhlaba aqhelile,nababusi bayihlanganyeleiNkosi noGcotshiweyo wayo.’

27. “Ngokuba ngempela oHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli bayihlanganyela kulo muzi iNceku yakho engcwele uJesu owamgcobayo

Izenzo 4