Izenzo 3:4-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Kepha uPetru wamgqolozela kanye noJohane, wathi: “Sibheke!”

5. Wayesebabheka ethemba ukuba amukele utho kubo.

6. Kodwa uPetru wathi: “Isiliva negolide anginalo; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.”

7. Wayesembamba ngesandla sokunene, wamsukumisa; kwaqina masinyane izinyawo zakhe namaqakala,

8. egxuma, wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba, egxuma, emdumisa uNkulunkulu.

Izenzo 3