Izenzo 3:22-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. UMose kambe wathi: ‘INkosi uNkulunkulu iyakunivusela umprofethi kubazalwane benu njengami, niyakumlalela kukho konke azakukukhuluma kini.

23. Kuyakuthi wonke umuntu ongayikumlalela lowo mprofethi uyakuchithwa kubantu.’

24. “Yebo, nabaprofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabalandelayo, bonke abakhulumileyo, bamemezela lezo zinsuku.

25. Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenzayo nawoyihlo, ethi ku-Abrahama: ‘Ngenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’

Izenzo 3