Izenzo 24:17-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. “Kwathi emva kweminyaka eminingi ngafika ukuletha izipho esizweni sakithi neminikelo,

18. okuthe ngikulokho bangifumana ethempelini ngihlanjululiwe, kungekho isixuku nomsindo,

19. abaJuda abathile base-Asiya ababefanele ukuvela phambi kwakho, bangimangalele, uma benotho ngami.

20. Nokuba mabasho laba ukuthi bafumanani okungalungile mhla ngimi phambi komphakathi,

21. ngaphandle kwalelo zwi elilodwa engalimemeza ngimi phakathi kwabo lokuthi: ‘Ngokuvuka kwabafileyo mina ngimangalelwa yinina namuhla.’ ”

22. Kepha uFeliksi ekwazi ngokuchachileyo okwaleyo Ndlela wabahlehlisa ethi: “Lapho uLisiya induna yenkulungwane esewukile, ngizakuyinquma indaba yenu,”

Izenzo 24