31. Khona amabutho ayesemthatha uPawulu njengokuyalwa kwawo, amyisa e-Antipatheri ebusuku.
32. Kepha ngangomuso ashiya izinkweli ukuba zihambe naye; wona abuyela ekamu;*
33. lezo sezifikile eKesariya zanika umbusi incwadi, zamisa uPawulu phambi kwakhe.
34. Eseyifundile wambuza ukuthi ungowasiphi isifunda; esezwile ukuthi ungowaseKhilikhiya,
35. wathi: “Ngiyakuyizwa kahle indaba yakho, nxa sebefikile abakumangalelayo.” Wayala ukuba alondwe enqabeni kaHerode.