12. Sesikuzwile lokho samncenga thina kanye nabakuleyo ndawo ukuba angakhuphukeli eJerusalema.
13. Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”
14. Engenakuvunyiswa, sathula sathi: “Mayenziwe intando yeNkosi.”
15. Emva kwalezo zinsuku sabopha impahla, sakhuphukela eJerusalema;
16. kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe.
17. Sesifinyelele eJerusalema, abazalwane basamukela ngokujabula.
18. Ngangomuso uPawulu wangena nathi kuJakobe; namalunga onke ayekhona.
19. Wababingelela, wabalandisa ngakho konke ngakunye uNkulunkulu abekwenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.
20. Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangaka izigidi zabakholwayo phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho;