Izenzo 20:33-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Angifisanga siliva lamuntu, nagolide, nangubo;

34. nina niyazi ukuthi lezi zandla zasebenzela izinswelo zami nezababe nami.

35. Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ”

36. Eseshilo lokho waguqa phansi kanye nabo bonke, wakhuleka.

37. Bakhala kakhulu bonke, bamgona uPawulu ngentamo, bamanga,

38. belusizi kakhulu ngezwi alishilo lokuthi abasayikubona ubuso bakhe. Base bemphelekezela, baya emkhunjini.

Izenzo 20