Izenzo 2:41-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

41. Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.

42. Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.

43. Kepha kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa ngukwesaba; kwenziwa ngabaphostoli izimangaliso nezibonakaliso eziningi.

Izenzo 2