1. Emva kwalokho wamuka e-Athene, wafika eKorinte.
2. Wafumana khona umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, wasePontu ngokuzalwa, owayesanda kufika ephuma e-Italiya, enoPrisila umkakhe, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda bamuke eRoma; weza kubo;
3. lokhu wayemsebenzi munye nabo, wahlala nabo, basebenza. Ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amatende.
4. Washumayela esinagogeni* ngamasabatha onke, wazuza abaJuda namaGreki.
5. Kepha sebefikile oSila noThimothewu behla eMakedoniya, uPawulu wakhathalela izwi, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.
6. Kwathi benqaba, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”
7. Wasuka lapho, weza endlini yomuntu ogama lakhe linguThithiyu Justu, okhonza uNkulunkulu; indlu yakhe yayiseceleni kwesinagoge.*
8. Kepha uKrispu umphathi wesinagoge* wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke, nabaningi babaseKorinte balalela, bakholwa, babhapathizwa.
9. INkosi yayisithi kuPawulu ngombono ebusuku: “Ungesabi, kepha khuluma, ungathuli,
10. ngokuba mina nginawe, akakho ozakukusukela, akulimaze, ngokuba nginabantu abaningi kulo muzi.”
11. Wahlala khona umnyaka nezinyanga eziyisithupha efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo.
12. Kwathi uGaliyu engumbusi wase-Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa phambi kwesihlalo sokwahlulela,
13. bathi: “Lo muntu uphendukisa abantu ukuba bakhonze uNkulunkulu ngokuphambene nomthetho.”
14. Khona uPawulu esezakuvula umlomo, uGaliyu wathi kubaJuda: “O nina baJuda, uma bekuyicala noma ubugebengu obubi, bekufanele nginibekezelele;
15. kodwa uma kungukuphikisana ngamazwi, nangamagama, nangomthetho wakini, ziboneleni nina; mina angithandi ukuba ngumahluleli walezo zinto.”