Izenzo 15:6-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Base bebuthana abaphostoli namalunga, ukuze bayihlole leyo ndaba.

7. Sebephikisene kakhulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi sekukade uNkulunkulu wakhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.

8. UNkulunkulu owazi inhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele njengathi;

9. futhi akahlukanisanga ngalutho phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa.

10. Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na?

Izenzo 15