Izenzo 15:38-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. Kepha uPawulu wathi akufanele ukuba bahambe naye owabashiya ePhamfiliya, akaze aya nabo emsebenzini.

39. Kwase kuvela ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana; uBarnaba wathatha uMarku, wawelela eKhupro ngomkhumbi.

40. Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi.

41. Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.

Izenzo 15