Izenzo 15:37-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

37. UBarnaba wahlosa ukuhamba noJohane othiwa uMarku.

38. Kepha uPawulu wathi akufanele ukuba bahambe naye owabashiya ePhamfiliya, akaze aya nabo emsebenzini.

39. Kwase kuvela ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana; uBarnaba wathatha uMarku, wawelela eKhupro ngomkhumbi.

40. Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi.

41. Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.

Izenzo 15