Izenzo 15:29-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezo zinto, noba nenza kahle.Salani kahle.

30. Ngakho sebemukisiwe behlela e-Antiyokiya, balibutha ibandla, balinika incwadi.

31. Sebeyifundile bathokoza ngenduduzo yayo.

32. OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.

33. Sebehlale khona isikhathi, bamukiswa ngabazalwane ngokuthula, babuyela kubo ababathumileyo.

34. Kepha kwaba kuhle kuSila ukuba asale khona.

Izenzo 15