22. Abantu bamemeza bathi: “Yizwi likaNkulunkulu, akusilo elomuntu.”
23. Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.
24. Kodwa izwi likaNkulunkulu lakhula, landa.
25. Kepha oBarnaba noSawulu babuya eJerusalema sebeqede ukukhonza kwabo, behamba benoJohane othiwa uMarku.