Izenzo 11:28-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Kwasukuma omunye kubo ogama lakhe lingu-Agabu, wakhomba ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enzima ezweni lonke; yaba khona emihleni kaKlawudiyu.

29. Abafundi base bezimisela ukuba yilowo nalowo kubo athumele njengamandla akhe okokusiza abazalwane abakhe eJudiya.

30. Bakwenza-ke, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBarnaba noSawulu.

Izenzo 11