18. Lowo-ke wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka;
19. kwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema, yaze yaqanjwa leyo nsimu ngolimi lwakubo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu Yegazi.
20. Ngokuba kulotshiwe eNcwadini yamaHubo ukuthi:“Umuzi wakhe mawube yihlane,kungabikho ohlala kuwo,”nokuthi:“Isikhundla sakhe asithathwe ngomunye.”