10. “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,nokumazi oNgcwele kungukuqonda.
11. Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi,neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.
12. Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele;uma udelela,uyakukuthwala wena wedwa.”
13. Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo,ongazi lutho.
14. Uhlezi ngasemnyango wendlu yakheesihlalweni ezindaweni eziphakemeyo zomuzi
15. ukuba ameme abadlula endleleni,abaqonda emikhondweni yabo,ngokuthi:
16. “Ongenalwazi makaphambukele lapha,”kongenangqondo uthi:
17. “Amanzi ebiweyo amnandi,nesinkwa sentukuso singesenamisayo.”
18. Kepha akazi ukuthi kuyizithunzi ezilaphonokuthi izimenywa zakhe zisezigodini zendawo yabafileyo.