9. Aqondile onke koqondayo;alungile kothola ukwazi.
10. Yamukelani ukufundisa kwami kunesiliva,nokwazi kunegolide elikhethekileyo.
11. Ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunamarubi,*nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho.
12. Mina kuhlakanipha ngakhile ekuqondeni,ngithola ukwazi namasu.
13. Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi;ukuzidla, nokuzikhukhumeza,nendlela embi,nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.
14. Kimina kukhona ukululeka nempumelelo;ngingukuqonda, nginamandla.