11. bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma,nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.
12. Umuntu omubi, umuntu wokona,nguye ohamba nomlomo ophambeneyo,
13. oqwayiza amehlo,eshudula ngezinyawo zakhe,ekhomba ngeminwe.
14. Ubuphoxo busenhliziyweni yakhe;uceba okubi ngesikhathi sonke;ususa ukuxabana.
15. Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo;ngokuphazima kweso uyakwaphulwa,kungabikho ukuphiliswa.
16. Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova,yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe:
17. amehlo azidlayo, nolimi lwamanga,nezandla ezichitha igazi elingenacala,
18. nenhliziyo eceba imicabango emibi,nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini,
19. nofakazi wamanga ophafuza inkohliso,obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.
20. Ndodana yami,gcina umyalo kayihlo,ungawushiyi umthetho kanyoko.