Izaga 6:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ndodana yami, uma uyisibambiso somakhelwane wakho,uma uxhawulene nomfokazi,

2. ucushiwe ngamazwi omlomo wakho,ubanjiwe ngamazwi omlomo wakho,

3. yenza lokhu phela, ndodana yami,uzophule,lokhu ungene esandleni somakhelwane wakho:khothama phambi kwakhe,umncengisise.

4. Unganiki amehlo akho ubuthongo,nezinkophe zakho ukozela.

5. Zophule njengensephe kumzingelinanjengenyoni esandleni somthiyi wezinyoni.

6. Yana entuthwaneni, vilandini,ubone izindlela zayo, uhlakaniphe,

7. yona ethi ingenamahluleli,nambonisi, nambusi,

8. ilungisa nokho ehlobo isinkwa sayo,ibuthe ngesikhathi sokuvuna ukudla kwayo.

Izaga 6