Izaga 5:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ndodana yami, lalela ukuhlakanipha kwami,ubeke indlebe yakho ekuqondeni kwami

2. ukuba ugcine amasu,nezindebe zakho zilonde ukwazi.

3. Ngokuba izindebe zowesifazane ondindayo ziconsa izinyosi;umlomo wakhe ubushelezi kunamafutha.

4. Kepha ekugcineni umunyu njengomhlonyane,ubukhali njengenkemba enezinhlangothi ezimbili.

5. Izinyawo zakhe ziyehlela ekufeni;izinyathelo zakhe zibambelela endaweni yabafileyo.

6. Akanaki umkhondo wokuphila;imikhondo yakhe iyaguquguquka,engazi.

7. Ngalokho, madodana ami, ngizweni,ningachezuki emazwini omlomo wami.

8. Dedisela kude naye indlela yakho,ungasondeli emnyango wendlu yakhe,

9. funa unike abanye udumo lwakho,naye ononya iminyaka yakho,

Izaga 5