1. Ndodana yami, lalela ukuhlakanipha kwami,ubeke indlebe yakho ekuqondeni kwami
2. ukuba ugcine amasu,nezindebe zakho zilonde ukwazi.
3. Ngokuba izindebe zowesifazane ondindayo ziconsa izinyosi;umlomo wakhe ubushelezi kunamafutha.
4. Kepha ekugcineni umunyu njengomhlonyane,ubukhali njengenkemba enezinhlangothi ezimbili.
5. Izinyawo zakhe ziyehlela ekufeni;izinyathelo zakhe zibambelela endaweni yabafileyo.
6. Akanaki umkhondo wokuphila;imikhondo yakhe iyaguquguquka,engazi.
7. Ngalokho, madodana ami, ngizweni,ningachezuki emazwini omlomo wami.
8. Dedisela kude naye indlela yakho,ungasondeli emnyango wendlu yakhe,
9. funa unike abanye udumo lwakho,naye ononya iminyaka yakho,