Izaga 31:13-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Ufuna uboya bezimvu nefilakisi;*usebenza ngezandla ezivumayo.

14. Unjengemikhumbi yabathengi;ulanda kude ukudla kwakhe.

15. Uyavuka kuse sebusuku,aphe abendlu yakhe ukudlanamantombazana akhe imisebenzi yawo.

16. Ucabanga ngensimu, ayithenge;ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,

17. Uyabhinca okhalweni amandla;uyaqinisa izingalo zakhe.

18. Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo;isibani sakhe asicimeki nasebusuku.

19. Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo,neminwe yakhe ibamba insimbi.

Izaga 31