Izaga 31:12-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi,zonke izinsuku zokuphila kwakhe.

13. Ufuna uboya bezimvu nefilakisi;*usebenza ngezandla ezivumayo.

14. Unjengemikhumbi yabathengi;ulanda kude ukudla kwakhe.

15. Uyavuka kuse sebusuku,aphe abendlu yakhe ukudlanamantombazana akhe imisebenzi yawo.

16. Ucabanga ngensimu, ayithenge;ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,

17. Uyabhinca okhalweni amandla;uyaqinisa izingalo zakhe.

Izaga 31