21. Ndodana yami,lokho makungasuki emehlweni akho,ugcine ukuhlakanipha namasu,
22. kube ngukuphila emphefumulweni wakhonomusa entanyeni yakho.
23. Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka,ungaqhuzuli unyawo lwakho.
24. Lapho ulala phansi,awuyikwesaba lutho;nanxa usulale phansi,ubuthongo bakho buyakuba mnandi.
25. Ungethuswa luvalo oluzumayonokuchithwa kwababi, lapho kufika,